Skip to main content

By: Nompendulo Ngubane

Umndeni wowesilisa oneminyaka engu-22 odutshulwe iphoyisa oPhongola enyakatho ye KZN uthi usuhlalele ovalweni njengoba uqhubeka nokuthola izinsongo mayelana naleli cala.

Lokhu kungemumva kokuthi uPhethelo Molapo kusolwa ukuthi udutshulwe iphoyisa elisebenza esiteshini oPhongola eNyakatho yesifundazwe, kanti iphoyisa selivele okwesithathu enkantolo kaMantshi yentawo.

Kuzokhumbuleka ukuthi izindaba ze Gagasi FM zibike ngalolu daba nalapho umndeni ukuveze ngokusobala ukuthi ufisa umsolwa angiyitholi ibheyili njengoba ezophinde avele kusasa ngo LweSine ukuthola ukuthi ngabe isicelo sakhe sebheyili inkantolo iyasivuma yini.

Nangu umfowabo ka Molapo uNkanyiso Nzimande echaza kabanzi mayelana nenkinga ababhekene nayo.

“Asisahlalisekile kahle la njengomphakathi ngenxa yokuthi kunemibuzo yokuthi lo wenkampani yonogada wayisusa kanjanin imoto endaweni yesigameko.

“Njengamanje sithola ama stories abawa fabricat-ayo and they are planting abantu ekhaya ubone ukuthi kukhona into eyenzakalayo nobaba omncane kuba khona izimoto ezimlandelayo. Kwayimina sengizihlalela endlini ngoba sithola ama private number calls- kumane kuphefumule umuntu, siyafisa ukuthi amaphoyisa angenelele kodwa kungabi ilawa asingathe udaba njengamanje ngoba kuyabonakala ukuthi achemile,” kubeka ngokukhathazeka uNzimande.