Skip to main content

By: Bright Ntuli

Umengameli uCyril Ramaphosa usememezele ukuthi umntwana uMangosuthu Buthelezi uzohlalonishwa ngomngcwabo wezikhulu eziphezulu zikahulumeni.

URamaphosa usekuqinisekisile ukuthi umntwana uButhelezi uzonikwa u Category 1 State FuneralĀ  nokuwumngcwabo ohlinzekwa umengameli wezwe, oseqokelwe ukuba ngumengameli noma yilabo asebeke baba ngomengameli bezwe phambilini.

UButhelezi obeseneminyaka engu-95 ubudala, nobengundunankulu wesizwe samaZulu noselokhu aba yilungu lephalamende kusukela ngo 1994 ukhothamele ekhaya lakhe ngoMgqibelo ekuseni.

Inkonzo yakhe yesikhumbuzo nehlelwe yiqembu alisungula Inkatha Freedom Party (IFP) nayengumengameli walo iminyaka engu 48 izoba kusasa oLundi enyakatho yesifundazwe.

Oyisikhulumi ehhovisi likamengameli uVincent Magwenya uyachaza.

[advanced_iframe src=”https://streaming.fabrik.fm/fabrik/echocast/player/rewind-single/player.html?id=6d2fc469-1aa3-455c-8e71-36fc65de6156&web_url=https://echocast.fabrik.fm/Y23Gqn4LNn1zz2&podcast_id=1b32803c-1fe8-4214-a72b-4570bda767cf” width=”100%” height=”200″]