Skip to main content

Zilungile Mkhize

UNgqongqoshe wezeMfundo emazingeni ayisisekelo eGauteng uLebogang Maile, uthi umnyango ngeke ukubekezelele ukuhlukunyezwa ngokocansi kwabafundi okwenziwa othisha.

UMaile ubekhuluma ngaphandle kwenkantolo kaMantshi yaseProtea, lapho bekuvele khona uthisha wase Soweto osolwa ngokudlwengula intombazanyana efunda uGrade 4.

Usekuqinisekisile ukuthi lo thisha umisiwe emsebenzini okwesikhashana njengoba kusalindwe ukuthi kuphothulwe uphenyo.

“We are dealing with the matter delicately and we would like to send a message the government has had enough and government will not tolerate any violence against our children in schools,” kusho u Maile

Cofa ngezansi ukuzwa inkulumo ka Maile…

UMaile uthi izikole kumele zihlale ziyizindawo ephephile,”Our schools must become safe havens and when our keeps are in the schools they must feel that they are protected.”