Skip to main content

Noluthando Mchunu

Inhlangano evikela amalungelo abantu besifazane nezingane uThingo Crisis Centre isinxuse umnyango wezokuhlunyeleliswa kwezimilo ukuthi uzibhekisise iziboshwa ezidonsa izigwebo zazo ngaphambi kokuzidedela ngoshwele.

Lenhlangano isho lokhu emva kokuthi uLindokuhle Ncongo nobengaphandle ngoshwele evele enkantolo kamantshi eMbumbulu eningizimu ye Theku izolo ngecala lokudlwengula umama wezingane zakhe kanye nokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni.

uNgcongo nobesehlukene nomama wezingane zakhe kubikwa ukuthi emva kokukhishwa ejele ngoshwele ube esefuna lowesifazane waze wamthola eAdams eNingizumu yeTheku wamgila lomkhuba. 

Okhulumela uThingo uMildred Ngcobo uthi kuyenzeka umuntu akhombise ukuthi usefundile emaphutheni akhe kanti lokho kungamampunge.

Cofa ngezansi ukuzwa inkulumo kaNgcobo…

“Angenza kahle ngaphakathi la ekuhlunyeleliswa izimilo ebese ededelwa nge parole kanti akanayo inhloso yena yokuthi ufuna ukuphumela ngaphandle. Uma esephumela ngaphandle ebese ephinda ayophula umthetho.”

“Kodwa siyacela ukuthi abababhekisise labantu, ake bathi go deeper than ukuthi umuntu wenza kahle la,” kusho uNgcobo.