Pamella Majola
UMeya kaMasipala waseMhlathuze enyakatho ye KZN uXolani Ngwezi usencome amaphoyisa ngokubopha abasebenzi ababili balomkhandlu abasolwa ngokweba nokudayisa izintambo zikagesi zikamasipala.
UNgwezi uthi ukwebiwa kwezintambo zikagesi kudla imali lelinganiselwa ku14 million wamarandi ngonyaka.
Uqhuba ngokuthi kuphinde kuphazamise nokutholakala kukagesi emiphakathini.
UNgwezi usexwayise umphakathi ngokuthenga impahla kamasipala eyebiwe, wathi ngale kokuthi lokhu kuyicala elibomvu kodwa kuphazamisa nokuhlinzekwa kwezidingo emphakathini.
Cofa ngezansi ukuzwa inkuluma kaNgwezi…
Uphinde waqinisekisa ukuthi ingalo yomthetho isiyidlalile indima yayo ngokubopha labasolwa.
“Oyedwa useboshiwe wavela enkantolo, waphuma nge bail ka R5000. Omunye sisalindile, angeke sikwazi ukumdadula.”
“Kodwa siyabonga kakhulu kubasebenzi bethu abaqikelele ukuthi yonke impahla esinayo kaMasipala ngaphakathi bayakwazi ukuyibheka, kanjalo futhi i-security yethu nomnyango wamaphoyisa, siyabonga kakhulu,” kusho uNgwezi.
Izindaba ze Gagasi FM ziyaqhubeka nokulandelela loludaba, kanti ungaluthola emoyeni kanye nasezinkundlenzi zokuxhumana kwi Gagagsi FM News.




