Skip to main content

By: Nompedulo Ngubane

UMnyango WezeMpilo KwaZulu-Natal usuveze ukuthi usuqhamuke nesixazululo ngenkinga yodokotela abangaqashiwe.

Lokhu kungemuva kokuthi odokotela beqhinqe ngaphandle kwenhloko yamahhovisi omnyango iNatalia Building ePietermaritzburg ngesonto eledlele.

Labo dokotela baveze ukuthi ukungaqashwa kwabo akuyona kuphela inkinga kodwa nezimo ezibhekene no mnyango wezempilo nazo zidinga ukuthi zibhekwe.

Umnyango ube sewuba nomhlangano nekomiti lodokotela nalapho uthe uzokhipha izikhala zodokotela ezingu-120 kuyo lenyanga.

Odokotela bazobe sebefaka izicelo zomsebenzi kulezi zibhedlela zikaHulumeni bese beya kwinhlolokhono nokuzothi ngenyanga ezayo labo abaphumelele bese beyaqashwa.

Echaza ngalokhu oyinhloko yomnyango uSandile Tshabalala usjo kanje.

 

[advanced_iframe src=”https://streaming.fabrik.fm/fabrik/echocast/player/rewind-single/player.html?id=6d2fc469-1aa3-455c-8e71-36fc65de6156&ampweb_url=https://echocast.fabrik.fm/0QZX92LY65DQB4&amppodcast_id=4d31abc7-330c-453e-acf3-c3064bc121bf” width=”100%” height=”200″]