Skip to main content

By: Xolani Khumalo

Umnyango wezokuthutha eKZN uthi uyaqhubeka nokuthela izithelo ezinhle umkhankanso wawo ka #NenzaniLaEzweni, kulandela ukuboshwa kweziphula mthetho zomgwaqo.

Bangu-95 abantu ababoshelwe ukushayela bephuzile eKZN.

Indawo yase Stanger enyakatho ye KZN ihambe phambili ngabantu abangu-39 okufaka phakathi noyedwa ongowase Goli kantu, eNewcastle khona kuboshwe abangu 36, kulesibalo bekukhona nesikhulu esithile sikaMaspala, oThisha abathathu kanye no-Nurse oyedwa.

ePort Shepstone kuboshwe 20 wabashayeli, kubalwa nosomathenda osebenzisana noHulumeni ekubikwa ukuthi ukhe phansi ebalekela ukuboshwa.

“Njengoba ebalekele amaphoyisa akwa RTI wayongena endlini emva kokuthi eqe amarobothi aWu-4, bathe uma bemujaha wabaleka ephambana nezimoto yena eya lee, kodwa izimoto zishona le.

“Waze wayocasha endlini nokuyila iphoyisa lesifazane laka-RTI elitshengise isibindi isibindi lisebenza nozakwabo, ilona ke elibize amanye amaphoyisa aka RTI afika namaphoyisa aka SAPS khona laphana ePort Shepstone, base bemubophan lomshayeli njengoba kade eshayela budedengu,” kubeka uNdabezinhle Sibiya.