Skip to main content

By: Bright Ntuli

Umnyango wezokuthutha kulesifundazwe uthi kuyicala elibomvu ukwehliswa kwabantu ezimotweni zabo kuthiwe abagibele amatekisi ngenkani.

Umnyango usho kanje kulandela ukusabala kwemibiko namavideo kuzwelonke ekhombisa abantu ekukholakala ukuthi abasebenza embonini yamatekisi bevimbe imigwaqo, behlisa abagibeli ezimotweni ezincane bethi abashayeli abavumelekile ukuthwala umgibeli ongaphezu koyedwa emotweni noma ngabe kuthiwa ngamalungu omndeni.

Oyisikhulumi somnyango uNdabezinhle Sibiya uthi sebethole nencwadi ekubikwa ukuthi ivela enhlanganweni ethutha izingane zesikole eKlipriver entshonalanga yesifundazwe exwayisa othisha ngokugibelisa izingane zesikole ezimotweni zabo.

Ngokwalencwadi izimoto ezizotholakala zigibelise abantu zizoshaqwa yilemboni.

“Sifisa ukucacisa ukuthi akukho emthethweni ukwehlisa abantu ezimotweni zabo, noma izimoto zemindeni kuthiwe abagibele amatekisi, yingakho sithe uphiko luka Shanela kufanele lusondele kuloludaba ukuqinisekisa ukuthi kuvikelwa umphakathi,” kubeka uSibiya.