Skip to main content

By: Sthulile Mdletshe

Inkantolo yeMantshi yaseRandburg isithole owayengumsakazi u-Ngizwe Mchunu, engenacala emacaleni okudala udlame nokuphula umthetho wokulawulwa kwezinhlekelele.

UMchunu ubebhekene namacala okuphehla udweshu ngo-Julayi 2021 ngokugqugquzela abantu bakuleli ukuba baqhubeke batape noma bacekele phansi impahla

Phezu kwalamacala bekukhona nelokuphikisana nomthetho owawunqanda ukuhlangana kwabantu abaningi ngesikhathi kubheduke ukhuvethe emhlabeni jikelele.

UMchunu utholakale emsulwa kuwo wonke lamacala kanti ke inkantolo ithole ukuthi uMbuso ubungenabo ubufakazi obanele ukugweba umsolwa.

Ekhuluma nabezindaba ngemuva kwalesi sinqumo uMchunu ubeke kanje.

[advanced_iframe src=”https://streaming.fabrik.fm/fabrik/echocast/player/rewind-single/player.html?id=6d2fc469-1aa3-455c-8e71-36fc65de6156&web_url=https://echocast.fabrik.fm/vpqxLNrwXx7m47&podcast_id=bfea0d93-96ef-4ff6-beee-d115ba449c38″ width=”100%” height=”200″]