Skip to main content

Noluthando Mchunu

Ungqongqoshe wezemfundo KwaZulu-Natal uSipho Hlomuka uthi konke kumi ngomumo ukuthi abafundi baMatric baqale ukubhala izivivinyo zabo zokuphela konyaka.

UHlomuka ubekhuluma esithangamini sabezindaba eThekwini njengoba ukubhalwa kwezivivinyo kuqala kusasa, ngesifundo i-Computer Applications Technology.

Iphepha lokugcina lizobhlalwa ngomhlaka 26 kuNovember.

Kuzokhumbuleka ukuthi ngonyaka odlule i-KZN iyona eyahamba phambili ngemiphumela kaMatric njengoba izinga lokuphasa laliku-90.6 %, yehlula iFree State nebisiyaziwa njengesifundazwe esihlezi sihamba phambili.

Hlomuka uthi othisha kanye nabafundi basebenze kanzima ukufika kulesigaba ngakho ubafisela konke okuhle.

“This is the biggest examination ever conducted by the province of KwaZulu-Natal and the biggest examination operation even in the country. So we have accordingly strengthened our systems and ensured that the examinations are administered in the highest level of professionalism,”kusho uHomuka.

Cofa ngezansi ukuzwa inkulumo ka Hlomuka…