URamokgopa Uthi i-Loadshedding Akumele Ibe Wusikompilo

Written by on 27 February, 2024

By: Sthulile Mdlestshe

UNgqongqoshe kagesi uKgosientsho Ramokgopa uthi aseya ngokusimama amandla kagesi njengoba ethi njengamanje izinqolobane zabo sezinomthamo ongu-3 510 mega watts.

URamokgopa uthi sebeyayibona imiphumela yomsebenzi asebewenzile wokulungiswa kweziphehlimandla zakwa-Eskom kulezinyanga ezingu-12 ezedlule.

Uqhuba ngokuthi loku kubonakala nngokwehla kwezigaba zokucishwa kukagesi njengoba manje izwe liku-stage 2 no 3.

Ekhuluma esithangamini sabezindaba eGoli uRamakgopa usekuvumile ukuthi i loadshedding akumele ibe wusikompilo.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background