Zilungile Mkhize
UMengameli uCyril Ramaphosa uthi ukwanda kwamaqembu ezepolitiki eNingizimu Afrika kukhombisa ukuthi izwe liyawuhlonipha umgomo wentando yeningi.
URamaphosa ukhulume kanje ngesikhathi evakashele emahhovisi e-Premier Soccer League eGoli, njengoba sekubhekwe okhethweni lohulumeni basekhaya kusasa.
Alinganiselwa ku-546 amaqembu ezepolitiki azongenela lolu khetho.
UMengameli uthi yize kungase kube nohulumeni bokubusa ngokubambisana ngemuva kwalolukhetho, kodwa impumelelo yabo izoncika ekutheni bayakwazi yini ukubeka izidingo zezakhamuzi phambili kunobuqembu.
Cofa ngezansi ukuzwa inkulumo ka Ramaphosa…
“In the end it depends what type of coalitions are formed. We hope that if there are coalitions, there will be coalitions that will put the interests of our people first, rather than the parties themselves,” kusho uRamaphosa.
Sekusele amahora angaphansi kuka-24 ukuthi kuqale ukhetho lohulumeni basekhaya, lapho kulindeleke khona ukuthi kuphume abantu abangaphezu kuka 29 Million bayokhetha amakhansela kanye nomeya bentando yabo.




