URamaphosa Uyayichitha Eyokugula Nokuquleka

Written by on 8 January, 2024

By: Pamella Majola

UMengameli we-African National Congress (ANC), uCyril Ramaphosa, useziphikile izinsolo zokuthi uphuthunyiswe esibhedlela izolo ekuseni ngenxa yokungaphatheki kahle empilweni.

URamaphosa usho kanje ekhuluma nabezindaba eMpumalanga, nokuyilapho iqembu elibusayo ligubha khona iminyaka engu- 12 lasungulwa.

NgoMgqibeo mhla zingu-13 kwephezulu, i-ANC ilindele izinkumbi zabalandeli bayo ukuthi bazobhiyoza nayo eMbombela, khona eMpumalanga kumgubho we-January 8 Statement.

URamaphosa uthi imibiko yokuthi ugule waze waquleka, ingamanga aluhlaza.

Uthi ubekweminye imihlangano, nokwenze ukuthi abanjezelwe yisekela lakhe, uPaul Mashatile.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background