By: Simtho Dladla
Umdlali ongaconsi phansi kulezi zinsuku kubalandeli be-Orlando Pirates uZakhele Lepasa usebonge kakhulu usihlalo waleliqembu uDr Irvin Khoza ngokukhombise ukumethemba aphinde amubuyise eMayfair.
Lepasa ushaye amagoli amathathu ngesikhathi Ezimnyama zibhaxabula kabuhlungu i-Sekhukhune United ngo-5-0 emqhudelwaneni we-MTN 8 eSgodini sikamaMinzela e-Orlando Stadium. Igoli lakhe lokuqala ulishaye ngesigamu sokuqala kulomdlalo njengoba amabili awo uwashaye ngesiwombe sesibili nakuba ehlulekile ukuvalela phakathi i-Penalty emva kokuwiswa ebhokisini kuka-Dion Hotto.
Uzokhumbula ukuthi uLepasa uqede iseason ephelile egijima ku-Supersport United ngaphansi kuka-Gavin Hunt emva kokuhluleka ukwenza kahle nokushaya amagoli kwi-Pirates. ULepasa uveze ukuthi usihlalo waleliqembu u-Irvin Khoza wamcela ukuthi abuye azosiza leliqembu kwazise uyawazi amagalelo akhe ngesikhathi esakhula kuleliqembu nokumnike ithuba lesibili lokusiza leliqembu.
Ukwazile ukuba ingxenye yaleliqembu ngesikhathi lisekhempini eSpain ngaphambi kokuqala kweseason entsha ngaphansi kuka-coach Jose Reviero ofike noshintsho olukhulu kuleliqembu. Amabhakaniya asedlulele kwi-semi-final yeMTN 8 nokungezinye yezindebe abakwazile ukuyinqoba ngesizini ephelile.
Lefty Shivambu/Gallo Images
[advanced_iframe src=”<iframe src=”https://streaming.fabrik.fm/fabrik/echocast/player/rewind-single/player.html?id=6d2fc469-1aa3-455c-8e71-36fc65de6156&web_url=https://echocast.fabrik.fm/2LM8L88mzwG8Yp&podcast_id=a2ac60ad-bfd6-43ac-9018-e95519bf6114″ width=28% height=200px frameborder><a>Podcast stream by Fabrik.fm</a></iframe>” width=”100%” height=”200″]