Usephume ngesamagundane umqeqeshi we-Kaizer Chiefs, uMolefi Ntseki, eMbombela.
Written by Ayanda Nyuswa on 21 August, 2023
By: Samkelo Gambushe
Usephume ephelezelwa onogada kanjalo namaphoyisa umqeqeshi we-Kaizer Chiefs, uMolefi Ntseki, enkundleni yezemidlalo iMbombela.
Abalandeli be-Chiefs abekade bedinwe begane unwabu, bathe abamudle bamufele ngesikhathi leliqembu lishaywa ngo-1-0 iqembu leTS Galaxy emdlalweni we-DStv Premiership. Umkhonto ugwaze ekhaya ngesikhathi ibhola elikhahlelwe uHugor Vidal lishaya ipali, lase lishayisa kunozinti Brandon Peterson langena phakathi.
Sekuphele iminyaka eyisishiyagalolunye leliqembu lagcina ukujabulisa abalandeli balo ngokunqoba indebe ingakho abalandeli sebevuke umbhejazana. Akuqali ukwenzeka isigameko esifana nalesi sokujikijelwa ngamabhodlela namakani kwazise nangesizini ephelile kwahlaselwa owayengumqeqeshi ngalesosikhathi u-Arthur Zwane. UNtseki umanambanambana kubalandeli baleliqembu njengoba bebengahambisani kwasekuqaleni nokuqokwa kwakhe kulandela ukushaya udaka eqenjini lesizwe, i-Bafana Bafana.
Ekhuluma nesiteshi sikamabonakude iSupersport, uNtseki uthe naye uphoxekile kakhulu ngokuhlulwa kwabo kodwa kunezinto ezimbalwa okusazomele bazilungise ngaphambi komdlalo wabo olandelayo lapho bezobhekana khona na-AmaZulu FC ekhaya ngoMgqibelo.
Image: BackpagePix