Skip to main content

By: Pamella Majola

USekela Khomishana wamaPhoyisa obhekelele ukuphenywa kwamacala abucayi osamisiwe, uShadrack Sibiya uthi ulinde isikhathi sakhe sokuvela ngaphambi kwekomidi elibhekelela ukusebenza kwamaphoyisa ephalamende ukuze azikhulumele.

USibiya usho kanje ekhuluma nabezindaba ngaphandle kwenkantolo enkulu ePitoli nalapho bekuqulwa khona icala eliphakathi kwakhe nokhomishana wamaphoyisa kuzwelonke uFanie Masemola.
uSibiya ufuna inkantolo ikhiphe umyalelo wokuthi abuyiselwe emsebenzini.

Kuzokhumbuleka ukuthi u-Masemola wamisa uSibiya emsebenzini ngoJulayi emsola ngokuhlakaza ithimba elikhethekile elalibhekelele amacala okubulala ezombusazwe, nokuyizinsolo ezavezwa ngukhomishana wamaphoyisa ase KZN uNhlanhla Mkhwanzi.

USibiya uthi ufuna ukuthi inkantolo ihlonze ukumiswa kwakhe njengokungekho emthethweni.