Utshwala Busayinkinga Emiphakathini Kulesi Sikhathi Samaholidi

Written by on 27 December, 2023

By:  Sthulile Mdletshe

I-National Liquor Traders Association ithi imiphakathi nayo kumele idlale indima ibhekane nokusetshenziswa kabi kotshwala emiphakathini yabo kulesi sikhathi samaholide.

Owalenhlangano, uLucky Ntimane, usho kanje njengoba bengaphezu kwa-2500 abantu ababoshelwe uphuzo oludakayo ezweni lonke selokhu kuqale inyanga ya December.

Kanti ke bangaphezu kuka-850 abantu ababoshelwe ukushayela bephuzile.

UNtimane, ekhuluma nesiteshi sethelevishini uthi njengabadayisi batshwala nabo bakhathazekile ngophuzo olweqile ikakhulakazi kwintsha yakuleli kodwa ke nabazali kumele badlale indima baqinise isandla somthetho emakhaya.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

 

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background