Uzinikele Emaphoyiseni Odubule Wabulala Unkosikazi Wakhe Esontweni

Written by on 2 April, 2024

By: Xolani Khumalo

Usezinikele emaphoyiseni umlisa oneminyaka engu-54 wase-Limpopo ogasele enkonzweni yebandla elithile wadubula wabulala unkosikazi wakhe phakathi esontweni kusaqhubeka inkonzo yePhasika ngempelasonto.

Lomlisa ogcwale amathafa emva kwalesisenzo  uzinikele emaphoyiseni izolo emini.

Kanti lesigameko senzeke ngoMgqibelo esigodini asese-Makonde.

Okhulumela amaphoyisa ase-Limpopo uMalesela Ledwaba uthi umsolwa uzovela enkantolo kusasa.

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background