Abakwasidlodlo basezithendeni zomsolwa ogcwelwe amathafa.
Written by Mfundo on 24 July, 2024
By: Xolani Khumalo
Amaphoyisa aseKZN athi asezithendeni zomsolwa obalekile nobeyingxenye yezigelekeqe ebezidubulana namaphoyisa eCongo eNanda, eNyakatho yeTheku.
Kulesigameko esenzeke izolo ebusuku, kubikwa ukuthi abakwasidlodlo bebelandela umkhondo wabasolwa ekade befunwa ngoxhaxha lwamacala okubulala, nabaholele lapho ekade becashe khona eNanda.
Imibiko ihlongoza ukuthi kuthe uma abasolwa sebebona ukuthi bakakwe ngamaphoyisa bavulela ngenhlamvu, kwasuka esinamathambo abomthetho sebeziphindiselela.
Abathathu kwabane (4) basolwa basale enkundleni.
Kanti phakathi kwamacala okubulala abebefunelwa wona, kubalwa elokubulala iphoyisa ngoJune wangoyaka odlule, ebelisebenzela eSteshi samaphoyisa saKwaMashu.
Okhulumela amaphoyisa uRobert Netshiunda uyachaza.