Skip to main content

By: Bright Ntuli

Amaqembu ezepolitiki asekuhlabe akuhlikiza ukuthi iphalamende libambele umhlangano walo etendeni.

Lokhu kuza emva kokuthi usomlomo wephalamende uThoko Didiza ephakamise ukuthi umhlangano wabo ubanjelwe etendeni ekwakuthanyelwe kulo umngcwabo waloyo owayengumengameli wokuqala wentando yeningi, uNelson Mandela.

Kuzokhumbuleka ukuthi imicimbi emikhulu yephalamende kanye nezinhlelo zalo, okwamanje zisabanjelwa eCity Hall eKapa, kulandela ukusha kwesakhiwo sephalamende, nokumanje lisalungiswa.

Oyilungu leqembu Inkatha Freedom Party (IFP) uNhlanhla Hadebe uthi akumele iphalamende lizigqaje ngokuhlanganela etendeni.

Kanti owe Democratic Alliance (DA) uGeorge Michalakis, usenxuse ukuthi kubhekwe indawo engcono ekuzobanjelwa kuyo imihlangano.

[advanced_iframe src=”https://streaming.fabrik.fm/fabrik/echocast/player/rewind-single/player.html?id=6d2fc469-1aa3-455c-8e71-36fc65de6156&ampweb_url=https://echocast.fabrik.fm/xPpVKrwJ5DB72z&amppodcast_id=2338c6d7-c282-48a2-95fa-011d37d78de6″ width=”100%” height=”200″]