By: Bright Ntuli
Amaphoyisa ase Mzinto eningizimu ye KZN athi asevule icala lokubulala, nelokuzama ukubulala kanti futhi aphenya nangembangela yokushona komuntu.
Lokhu kulandela ukuthi owesilisa edubule wabulala owesifazane abethandana naye kanye nodadewabo kalowesifazane khona eMzinto waphinde wadubula walimaza nentombazane yakamakhelwane.
Abakwasidlodlo bathi lowesifazane kumanje usesibhedlela, kanti lowesilisa kubikwa ukuthi ube esezidubula wazibulala, emva kokugila lomkhuba.
Oyisikhulumi samaphoyisa ase KZN uThenjiswa Ngcobo uyachaza.
[advanced_iframe src=”https://streaming.fabrik.fm/fabrik/echocast/player/rewind-single/player.html?id=6d2fc469-1aa3-455c-8e71-36fc65de6156&web_url=https://echocast.fabrik.fm/9MzMB5K3pDRRJJqQ&podcast_id=6c1a7c7e-3d01-42c5-a4e1-5e503fcc91ef” width=”100%” height=”200″]