Skip to main content

Pamella Majola

Okhulumela amaphoyisa eKZN uRobert Netshiunda usenxuse amalungu omphakathi ukuthi abikele abakwasidlodlo uma kukhona abenza ubugebengu ezindaweni ahlala kuzo.

Kuzokhumbuleka ukuthi phakathi nalelisonto kudutshulwe kwabulawa abantu abangu 11 KwaMakhutha eningizimu yeTheku, kwathi abanye abathathu balimala ngesikhathi behlaselwa oshayasbhamu abangaziwa. 

NgoLwesithathu uKhomishana wamaphoyisa kazwelonke osabambile, uPuleng Dimpane, uyalele amaphoyisa KwaZulu-Natal ukuthi aqalise umsebenzi wokuthungatha abasolwa, engakapheli amahora angu 72, ngenhloso yokulandela umkhondo ungakapholi ngemva kokuthi kudutshulwe kwabulawa abantu abangu-11 KwaMakhutha.

Kanti noNdunankulu wesifundzwe uThami Ntuli naye wadlulisa ukukhathazeka kwakhe ngodlame olwenzeka esifundazweni, waphinde wanxusa nomphakathi ukuthi usebenzisane namaphoyisa ukuthi kuthungathwe izigilamkhuba.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni, Netshiunda uqhuba ngokuthi ukhona umkhondo abawulandelayo njengamaphoyisa kodwa bayaludinga nosizo kwamalungu omphakathi ukuze uphenyo lusheshe.

“The detectives are following several leads and its a matter of time before suspects are arrested. Anyone with information that can help fast track the investigation is urged to tip off the police anonymously ”

Cofa ngezansi ulalele inkulumo kaNetshiunda.