Skip to main content

Nompendulo Ngubane

Sekutholakale isidumbu sowesifazane eCopesville eMaritzburg maphakathi neKZN, sinqunu siboshwe izandla ngemumva.

Lesidumbu sinezibazi okusolakala ukuthi ngezokusha kanti sitholwe abantu abacosha imfucuza.

Lendawo vele inezigameko zokutholakala kwabantu sebeshonile okusolwa ukuthi basuke bebulewe base belahlwa kuyo le ndawo yemfucuza.

USifiso Gwala oyisikhulumeli samaphoyisa esifundeni saseMngungundlovu useqinisekise ukuthi abomthetho sebeluvulile uphenyo ngaloludaba.

“Amaphoyisa ase Mountainrise asevule uphenyo kulandela ukutholakala kwesidumbo sowesifazane obalelwa eminyakeni engamashumi amathathu nanhlanu izolo endaweni eyinkunkuma ngase Copesville.”

UGwala uphinde wenaba ngesimo lesidumbu esitholakale sikuso, waveza nokuthi kubonakale nezimpawo zokusha komzimba.

Uchaze wathi,”Isidumbu sitholakale ngezikhathi zantambama sesiqala ukonakala simbozwe ngengubo yokulala singembethe, sinamanxeba okushawa emzimbeni.”

Ngokusho kukaGwala, abomthetho abakabophi muntu osolwa ngokuthinteka kuloludaba yize uphenyo lusaqhubeka.

“Amaphoyisa asaphenya ngembangela yokutholakala kwalesiodumbu kanti bekungakaboshwa muntu. Kuyacelwa nakumphakathi okungenzeka ulahlekelwe isihlobo sawo ukuba athintane namaphoyisa aseduze.”

Lalela inkulumo kagwala ngezansi…