Ungqongqoshe wezokubusa ngokubambisana nezindaba zomdabu Kwa-Zulu Natal uThulasizwe Buthelezi uthi bakubeke eqhulwini ukuqinisekisa ukuthi omasipala ababhekene nezinkinga bathola lonke usizo abaludingayo.
UButhelezi ubekhuluma esishayamthetho sesifundazwe ePietermarizburg, njengoba namuhla kuhleli amalungu omkhandlu wezifundazwe i-NCOP.
Ithimba leNCOP lihambele izindawo ezahlukene esifundazweni ukuzobheka umsebenzi oqhubekayo wokulungiswa kwengqalasizinda nokubalwa kuzo i-Woodlands Primary School, Umkomaas Water Project, uhlelo lwezindlu ku-Kennedy Road kanye ne- Aquadene and Mega Housing Projects.
UButhelezi uthi yize abanye omasipala ababebhekene nezinkinga sebekwazile ukuzilungisa, owaseMpendle nowasoThukela izinto ezikalungi.




