Azophela Amahlathi Okucasha Kwababulala Osopolitiki- Bheki Cele

Written by on 6 September, 2023

By: Xolani Khumalo

UNgqongqoshe wamaPhoyisa uBheki Cele uthi ziyabonakala izithelo zomsebenzi wamaphoyisa alwisana nobugebengu bokubulawa kwabantu ngokwezepolitiki esifundazweni saKwaZulu-Natal.

Uthi amaqembu ezepolitiki anezibalo eziphezulu zokubulalwa kwamalunga awo eKZN kubalwa i-African National Congress (ANC) ehola phambili kube Inkatha Freedom Party (IFP) kanye ne-National Freedom Party (NFP) namanye.

Angu-52 amakhansela asebulawe kulesifundazwe kusukela ngo 2011.

UCele ubambe isithangami nabezindaba ukwethula izibalo zokubulawa kwabantu ngokwezepolitiki kulesifundazwe.

 

powered by Advanced iFrame. Get the Pro version on CodeCanyon.

 

UCele uthi usukhona umnyakazo obonakalayo osuwenziwe ukuvalela ababulali.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background