By: Nompendulo Ngubane
Umphakathi waseClermont ohlala ezindlini olindela eNchanga entshonalanga nesifundazwe uthi isimo ohlala ngaphansi kwaso sinzima.
Lo mphakathi ongaphezu kuka-150, uthi wasuswa eClermont ngo-2008 umasipala iTheku ngesikhathi kwakhiwa umgwaqo uDumisani Makhaye.
Kumanje izingane, abantu besifazane, abanye asebegugile bahlezi eNchanga ezindlini zolindela ezakhiwe ngamakhadibhodi amanye awo asenezimbobo ngenxa yezimvula.
Ngokusho kwabahlali umasipala wathembisa ukuthi bazohlala isikhathi esingangezinyanga eziwu-6, emva kwalokho bese uyasuswa futhi wakhelwe izindlu kwenye indawo kodwa lokho akukaze kwenzeke.
Indawo abahlala kuyona, iyanuka, izindlu zangasese ziyindlala kanti ezikhona azikho esimeni esigculisayo nezindlu zibhobokile.
Bekhuluma nezindaba zeGagasi Fm abahlali basho kanje.
[advanced_iframe src=”https://streaming.fabrik.fm/fabrik/echocast/player/rewind-single/player.html?id=6d2fc469-1aa3-455c-8e71-36fc65de6156&web_url=https://echocast.fabrik.fm/GZrXMD2JvWZ5q2&podcast_id=14771ba8-442b-4e26-9d8d-f73037de2fe0″ width=”100%” height=”200″]