Skip to main content

By: Sithulile Mdletshe

Basale enkundleni abasolwa abathathu ekade befunwa ngamaphoyisa ngamacala angu 10 okubulala.

Imibiko ihlongoza ukuthi labasolwa babhudukezane namaphoyisa namuhla ezintathakusa endaweni yakwa Dlangezwa ngase Mpangeni enyakatho ye KZN.

Isikhulumi samaphoyisa uRobert Netshiunda uthi labasolwa bayingxenye yalabo ababaleke emva kokuqhumisa umshini wokukhipha imali iATM.

Sibalelwa ku 7 isibalo sabasolwa esebedutshulwe babulawa amaphoyisa ezindaweni ezahlukene kulelisonto.

u Netshiunda uthi labasolwa batholwe becashe emzini mumbe khona kwa Dlangezwa.