Bathi zisengcupheni izimpilo zabo abasolwa ngokubulala uAKA.

Written by on 30 July, 2024

By: Sthulile Mdletshe

Izelamani ezimbili ezimataniswa necala lokubulala umculi uKiernan ‘AKA’ Forbes sezitshele inkantolo yaseSwatini ukuthi zibona ukuthi impilo yazo isengcupheni uma zibuyiswa ukuzoqula leli cala eNingizimu Africa.

Lezelamani uSiyabonga noMalusi Ndimande zivele kafushane kule nkantolo ngokuthinteka ekubulaweni kuka AKA nomngani wakhe uTebello Motsoane.

Kuzokhumbuleka ukuthi laba bobabili badutshulwa bashona eThekwini ngonyaka odlule kanti uhulumewni wakuleli uphezu kwemizamo yokuthi babuyiswe ukuze bazoquliswa amacala ababhekene nawo.

Umeli wabasolwa u-Tsotsi Mabila utshele inkantolo ukuthi izimpilo zalezi zelamani zisengcupheni njengoba sekukaningi bethola izinsongo.


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background