Bathi zisengcupheni izimpilo zabo abasolwa ngokubulala uAKA.
Written by Mfundo on 30 July, 2024
By: Sthulile Mdletshe
Izelamani ezimbili ezimataniswa necala lokubulala umculi uKiernan ‘AKA’ Forbes sezitshele inkantolo yaseSwatini ukuthi zibona ukuthi impilo yazo isengcupheni uma zibuyiswa ukuzoqula leli cala eNingizimu Africa.
Lezelamani uSiyabonga noMalusi Ndimande zivele kafushane kule nkantolo ngokuthinteka ekubulaweni kuka AKA nomngani wakhe uTebello Motsoane.
Kuzokhumbuleka ukuthi laba bobabili badutshulwa bashona eThekwini ngonyaka odlule kanti uhulumewni wakuleli uphezu kwemizamo yokuthi babuyiswe ukuze bazoquliswa amacala ababhekene nawo.
Umeli wabasolwa u-Tsotsi Mabila utshele inkantolo ukuthi izimpilo zalezi zelamani zisengcupheni njengoba sekukaningi bethola izinsongo.