Skip to main content

By: Nompendulo Ngubane

UDokotela wesifo somdlavuza, uRonwyn Van Eeden, uthi isifo somdlavuza wamaphaphu simandla kakhulu kubantu besilisa kunabesifazane.

U Van Eeden uthi kunenkolelo yokuthi abantu abasengozini enkulu yokuphathwa ilolu hlobo lomdlavuza yilabo ababhema kakhulu kuphela nathi ke akulona iqiniso.

Ezweni lonke umdlavuza wamaphaphu usubulale izigidi zabantu iningi lalabantu okungabesilisa.

ENingizimu Africa umdlavuza wamaphaphu ubekwa njengowesithathu ezifeni ezihamba phambili ngokubulala abantu.

Ekhuluma neNewzroom Africa uVan Eeden uthi abantu abasebancane nabo lesi sifo siyabaphatha yingakho kubalulekile ukwazi mayelana nezimpawu zalolu hlobo lomdlavuza.

[advanced_iframe src=”https://streaming.fabrik.fm/fabrik/echocast/player/rewind-single/player.html?id=6d2fc469-1aa3-455c-8e71-36fc65de6156&web_url=https://echocast.fabrik.fm/XpZJyXJp6WmLyq&podcast_id=21259e57-0cbe-46aa-8e64-a9e3d116baa7″ width=”100%” height=”200″]