Pamella Majola
UKhomishana wamaphoyisa osabambile eKZN uPhumelele Makoba usekushayele ihlombe ukwehla kwezibalo zobugebengu.
UMakoba usho kanje ekhuluma esithangameni sabezindaba eThekwini lapho ethule khona izibhalo zobugebengu zekota yokuqala kanyakamali 2026/2027.
Uthi izindawo ebezithathwa njengezinenkinga enkulu yobugebengu, iNanda enyakatho yeTheku, uMlazi eningizimu kanye nase-Skhaleni enyakatho yesifundazwe, kwehle kakhulu ubugebengu.
UMakoba uthi yize kunjalo usamuningi umsebenzi ohlalele amaphoyisa.
“Nomake sikujabulela ukwehla njengoba bese ngishilo, kubulewe abantu abangu 1 179 KwaZulu Natal. Asikwazike ukuthi sibe happy, sikujabulele lokhu. Kodwa singakwazi ukwenza ukuthi kulokhu kuqhubeke ukwehla uma umphakathi usebenzisana nathai,”
UMakoba uphinde waveza ukuthi iCato Manor, neNtuzuma okuyizindawo ezingaphandle kweTheku, kanye neMpangeni zihamba phambili ngamacala okubulala esifundazweni.
Amaphoyisa akwaZulu Natal aphinde anxusa osopolitiki ukuthi bagweme ukusebenisa udlame njengoba kusondela ukhetho lohumeni basekhaya oluzobanjwa ngo November 4.
Ngokusho kuka General Makoba, Amaphoyisa asazobamba isithangami maduze ukulandisa umphakathi wakwaZulu Natal ngamalungiselelo okuqapha ngesikhathi sokhetho.
Lalela Izindaba zeGagasi FM ukuzwa ngokunye okudalwe uKhomishana kulesithangami.







