Skip to main content

By: Zilungile Mkhize

Unobhala jikelele we-ANC uFikile Mbalula uthi ukwanda kwezigameko zobubhoklolo, udlame, amaqembu ezigelekeqe kanye nokudayiswa kwezidakamizwa ezikoleni sekuphenduke insakavukela.

UMbalula usetshele isithangami sabezindaba eGoli ukuthi kumele kusungulwe umkhankaso kazwelonke ozolwisana ngqo nalezigameko.

Uthi izikole zidinga izinhlelo zokubuyisa ubumbano, isithunzi kanye nesasasa lokufunda ezinganeni nasemphakathini.

Kamuva nje, kusabalale ama video akhombisa abafundi beshaya abanye, namanye akhombisa kuhlukunyezwa othisha ezandleni zabo abafundi.

UMbalula uthi iANC ifuna kuvikelwe abafundi ebugebengwini, bavikeleke nasezenzweni zodlame olwenziwa ngabanye abafundi, kuphephe nemiphakathi.