Skip to main content

By: Xolani Khumalo

I-Build One South Africa isinxuse umengameli u-Cyril Ramaphosa ukuthi aqoke ungqongqoshe wamaphoyisa ozokwenza lomsebenzi ngokugcwele ukuze kube nozinzo kanjalo nobuholi obuqotho embuthweni wamaphoyisa iSAPS.

Kuzokhumbuleka ukuthi umengameli wafaka ungqongqoshe walomnyango uSenzo Mchunu ekhefini eliyisipesheli kulandela izinsolo zokugxambukela ekusebenzeni kwamaphoyisa nokusebenzisana nezigebengu. Kanti kumanje lesikhundla sisabanjiswe uFiroz Cachalia.

Ekhuluma ngesikhathi evakashele isiteshi samaphoyisa sase Nyanga kanye nase Delft eKapa izolo, umholi we Bosa u-Mmusi Maimane useqhakambise ukuthi zombili leziteshi zibe ngezinye ezinamacala aphezulu okubulala ngonyaka owedlule.

Usecele ukuthi kwenyuswe isabelo mali salombutho, kanye namayunithi angongoti ukuze kuliwe nobugebengu obubucayi futhi kwakhiwe nemiphakathi ephephile.

Izibalo zekota yesine zobugebengu zika-2025 ziveze ukuthi zombili leziteshi zamaphoyisa zivele eziteshini ezinhlanu ezihamba phambili ngesibalo esiphezulu sokubulawa kwabantu.

Uthi ke ubuholi ubuqinile buyadingeka kuleli ukuze kuliwe nengwadla yobugebengu.

Uphine wanxusa umengameli ukuthi athathe isinqumo esicacile, ethi izwe lakuleli lidinga umbutho wamaphoyisa onobuholi obuqondile, hhayi oxinwe izinkinga emazingeni aphezulu.