I-Cosatu Ihlaba Eyokushiwa Ngaphandle Ezingxoxweni Ezibalulekile Zokulungisa Umnotho Wezwe
Written by Mduduzi Phungula on 8 August, 2023
By: Sthulile Mdletshe
Umfelandawonye wezinyunyana zabasebenzi I-Congress of South African Trade Unions (COSATU) usuzwakalise ukungenami kwawo mayelana nokushiwa ngaphandle ezingxoxweni zikaMengameli Cyril Ramaphosa zokulungisa isimo somnotho sakuleli.
Lezi zingxoxo ebezibandakanya ithimba loNgqongqoshe bakahulumeni abaholi bamabhizinisi bezidingida ngezinselelo ezikhulayo ezithikameza umnotho wakuleli.
I-Cosatu ikhala ngokuthi isixazululo esiphelele sokulungisa umnotho wakuleli sidinga wonke umuntu ukuthi abambe iqhaza
Ithi lokhu ke kuthinta kakhulu umfelandawonye omele abasebenzi abayimpande yomnotho waseNingizimu Afrika.