Skip to main content

By: Buhle Mbhele

I-DA Kwazulu Natal isinxuse amaphoyisa ukuthi asheshise uphenyo lwawo abophe nabanye abasolwa ecaleni lokubulawa kukaloyo owayengusotswebhu waleliqembu kumaspala waseMngeni maphakathi nesifundazwe u-Nhlalayenza Ndlovu.

UNdlovu wadutshulwa wabulawa ekhaya lakhe eMpophomeni phambi kuka nkosikazi nezingane ngo December 2023.

Kanti kumanje sekuboshwe abantu abangu-4 nokubalwa kubo neNkosi yesizwe SamaNxamalala eMpendle maphakathi ne KZN uSimphiwe Zuma kanye nowesilisa okusolwa ukuthi wahlela lelitulo engaphakathi ejele.

Umholi we-DA eKZN u-Francois Rodgers ekhuluma ngaphandle kwenkantolo kamantshi e-Howick nalapho sekuvele khona ukuthi izinkabi zakhokhelwa imali engu-R70,000 ukusoconga uNdlovu uthi lelicala selibambezeleke isikhathi eside.