Skip to main content

Bright Ntuli

I-Democratic Alliance ithi isibhalele usomlomo wephalamende u-Thoko Didiza imcela ukuthi ahlele inkulumo mpikiswano ephuthumayo ephalamende mayelana nokuhlukunyezwa nokubulawa kwabesifazane Ekuhruleni eGauteng. 

Leliqembu lisho kanjena nje abaphenyi abanamakhono ahlukahlukene basebenza ngokubambisana ukulandela umkhondo walabo ababulele abesifazane abangu 9 kulomaspala ezinyangeni ezimbili.

Kanti amaphoyisa asekhiphe nomehlokaboni ka R400 000 ukuklomelisa ongaba nolwazi olungaholela ekuboshweni kwabasolwa.

Kwezivele namhlanje amaphoyisa ase Gauteng asewutholile umkhondo wokuqala, ecaleni lokubulawa koyedwa walaba besifazane isidumbu sakhe esatholakala eDawn Park, eBoksburg. Asebophe owesilisa oyedwa nabesifazane ababili abasolwa ngokuthinteka ecaleni lokubulawa kwalo wesifazane.

Oyisikhulumi se DA kwezomthetho uLisa Schickerling uthi nakuba udaba lwe GBV selunesikhathi lusezithebeni zephalamende kodwa udaba lwase Ekurhuleni ludinga ukusukunyelwa phezulu futhi ngokushesha.

“Women are being murdered, families are being left without answers and communities are living in fear. We need urgent action and accountability. Government must act to protect women, bring perpetrators to justice and stop this devastating cycle of violence.”

Amaqembu ezepolitiki amaningi asekhiphe izitatimende amanye afaka nasezinkundleni zokuxhumana ekhuza lesi sihlava, aphinde anxusa uhulumeni ukuthi ungenelele ngikushesha.

Lalela inkulumo ka Schickerling