Skip to main content

Noluthando Mchunu

I-EFF ithi kungamampunge ukuthi yehlelwe amavoti ngenxa yokungahambisani nokuxoshwa kwabantu bokufika.

Okhulumela leliqembu uMazwi Blose ubekhuluma nezindaba zeGagasiFM eICC eThekwini, lapho kuqhubeka khona ukuqinisekiswa kwemiphumela yamavoti esifundazwe okhetho lomasipala obelubanjwe ngoLwesithathu.

I-EFF ithi imiphumela eyibheke kakhulu ngeyaseThekwini, kodwa akhona amaWardi esikwazile ukunqoba kuwona.

UBlose usexwayise abantu ukuthi bangazikholwa izinto ezishiwo ngabahlose ukudicilela phansi isithunzi saleliqembu.

Cofa ngezansi ukuzwa inkulumo kaBlose…

“Show me on the board a party that has gained those votes because of illegal immigration, and there is none. Umkhonto weSizwe is here not because of illegal immigration, they are here because of Zuma.”

“So the likes of Action SA who are then the advocates of illegal immigration, they are not even in the board so there is no vote for illegal immigration.,’ kusho uBlose.

Ngokwemiphumela yesikhashana yokhetho lohulumeni basekhaya eqhubekayo, i-EFF isithole u-1.8% wamavoti esigabeni seWard Ballot eKwaZulu-Natal, okungamavoti angu-31 286.

Lezi zibalo zisuselwa ezindaweni zokuvota ezingu-3 293 kwezingu-5 028 esezibalwe, ngakho zisengashintsha.