Nompendulo Ngubane
Amalungu oMkhonto weSizwe Party eNhlazatshe, kuWadi 11 ePietermaritzburg, athi ukunqoba kwawo lesi sigceme kusho lukhulu kuwo, njengoba kade enganelisekile ngobuholi obebukhona.
Lokhu kuvezwe yilamalungu abebungaza ezindaweni ezahlukene eMaritzburg, kulandela ukunqoba kwaleli qembu amawadi amaningi, iningi lawo abeholwa yi-ANC.
Yize ukuqinisekiswa kwamavoti kungakaqedwa ngokusemthethweni nemiphumela ingakamenyezelwa, kodwa iMKP ibonakala ithola ukwesekwa emawadini amaningi ngaphansi kukaMasipala uMsunduzi kanye nakwabanye omasipala esifundeni.
Izindaba zeGagasi FM sezivakashele indawo yaseNhlazatshe, lapho izakhamizi zibungaza khona ukunqoba kukaThembisani Ndlovu weMKP ku ward 11.
Cofa ngezansi ukuzwa izinkulumo zamalungu oMK Party aseNhlazatshe…
“Sijabule siyafana, uGatsheni uyazazi izimfuno zethu ngoba abantu basilahlile iminyaka ewu20. I-ANC isilahlile, asinamgwaqo ngoba sinkankile kanje asinamixhaso asinalutho.”
“Abantu bayahlupheka yonke indawo kodwa namhlanje si right,” kusho ilungu lomphakathi.
Ngokwezibalo eziphume ngolwesihlanu ekuseni, iMK Party ihamba phambili ngo 34% esifundazweni kanti ilona qembu eselinqobe ama wadi amaningi ukunawo wonke amaqembu esifundazweni.



