Noluthando Mchunu
Ikhomishana eyengamele ezokhetho kuleli i-IEC thi ikhathazekile ngezikhungo ekuzovotelwa kuzo ezisanezinkinga zengqalasizinda.
Lokhu kuvele njengoba eseqalile amalungiselelo okhetho lohulumeni basekhaya oluzobanjwa ngomhlaka 4 kuNovember.
Ukushoda kwamanzi kanye nogesi kubalwa kwezinye zezingqinamba ezitholakale kwezinye zezikhungo zokuvota.
Lekhomishana ibibambe umcimbi wokusayinisa amaqembu ezombusazwe umthetho wokuziphatha i-Electoral Code of Conduct eThekwini.
Ngalesivumelwano amaqembu asezibophezele ukugqugquzela ukuthula nokukhankasa ngokwemigomo ebekwe yi IEC.
Oyisikhulu sakwaIEC KwaZulu-Natal uKhulekani Zulu uthi bayaxhumana nomasipala kanye nezinkampani ezifana noEskom ukuqinisekisa ukuthi lezindawo zilulungele ukhetho.
“Okwamanje esesikutholile ukuthi ezikhungweni ezingu 5028, ezingu 910 zazo azinawo amanzi kanti ezingu 508 azinawo ugesi bese ezungu 98 zihlushwa i-network,” kusho uZulu
Uqhube ngokuthi, “Sesike saba nemihlangano neminye iminyango kahulumeni, okubalwa kuyo uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nezobuHoli boMdabu neminye iminyanyango siqinisekisa ukuthi mhlazane kufika usuku lokhetho zonke lezikhungo zizobe sezinayo ingqalasizinda efanele.”
Cofa ngezansi ukulalela inkulumo yesikhulu sakwaIEC eKZN uKhulekani Zulu.


