Skip to main content

Bright Ntuli

Ikhomishini yezokhetho i-IEC ithi amavoti akhethekile azogcinwa ngendlela ephephile futhi aqinisekiswe ngaphambi kokuba abalwe kanye namavoti azofakwa ngosuku lokhetho olukhulu ngoLwesithathu.

Babalelwa ku 2.6 million abantu bakuleli ekulindeleke ukuthi bavote ngokukhethekile namuhla nakusasa.

Kulaba abangu 1.9 million bazovota eziteshini zokuvota ezikhethiwe, kanti laba abanye bazovakashelwa yizikhulu zakwa IEC emakhaya.

Oyisikhulu esiphezulu sezokhetho uSy Mamabolo usexwayise ngokuthi izikhulu ngeke zibuyele isibili emakhelini asemakhaya ayefakwe ezicelweni zokhetho oluyisipesheli uma zingabafici kuwona ngesikhathi zifika okokuqala.

Cofa ngezansi ukuzwa inkulumo ka Mamabolo…

“IKhomishini ikhumbuza abavoti abagunyazwe ukuvota ngokukhethekile ukuthi kumele bahlale bekhona ezindaweni zabo zokuhlala ngalezi zinsuku ezimbili zokuvota okukhethekile.”

“Abavoti abagunyazwe ukuvota esiteshini sokuvota bayacelwa ukuba bafike esiteshini sokuvota ababhalise kuso, ngezikhathi ezibekiwe zokuvota okukhethekile.” kusho uMamabolo.