Skip to main content

Zilungile Mkhize

Abantu ababa yizisulu zezikhukhula ezahlasela iKZN ngo-2022 sebethole izindlu ezintsha eCornubia, enyakatho yeTheku, njengoba uHulumeni eqhubeka nemizamo yokuhlalisa imindeni eyasala dengwane.

UNdunankulu wesifundazwe uThami Ntuli, ehambisana noMengameli wezwe uCyril Ramaphosa bethule isigaba sokuqala sohlelo lwezindlu, ezizohlalisa imindeni engu-113.

Isigaba sesibili ke kulindeleke ukuthi sihlalise eminye imindeni engu-145 ngo Juni wangonyaka ozayo, kanti imindeni engaphezu kuka-400 kulindeleke ukuthi ibe isithole izindlu ekupheleni kuka-2027.

UNtuli uthi ukunikezelwa kwalezindlu sekubuyise isithunzi nokuzethemba emindenini eminingi.

Cofa ngezansi ukuzwa inkulumo ka Ntuli…

“The people of KwaZulu-Natal have waited a long time for this day, some have waited for months but they have seen the work of our government.,”

Mothers who carried their children through years of uncertainty will attain a key of a door that belongs to them. Fathers will stand at their own gate and say with pride, leli ikhaya lethu,” kusho uNtuli.