By: Bright Ntuli
Uma uzovota okokuqala ngqa kulolukhetho kodwa awukubhalisele ukuvota, namhlanje yithuba lokugcina ngci lokuthi ubhalisele ukuvota.
Ikhomishana eyengamele ezokhetho i-IEC isalivulile ithuba lokuthi ubhalise on-line noma uvakashele amahovisi ayo aseduze nawe.
Umengameli uCyril Ramaphosa umemezele ukuthi ukhetho luzoba ngomhlaka 29 ku-May, kanti lolusuku lokhetho kulindeleke ukuthi lushicilelwe emqulwini kahulumeni iGovernment Gazette phakathi kwamabili.
Oyisikhulumi sabakwa-IEC u Janel Love usegcizelele ukubaluleka kokuthi wonke umuntu ofuna ukugcwalisa ilungelo lakhe lokuvota elikumthetho sisekelo, abhalise.
[advanced_iframe src=”https://streaming.fabrik.fm/fabrik/echocast/player/rewind-single/player.html?id=6d2fc469-1aa3-455c-8e71-36fc65de6156&web_url=https://echocast.fabrik.fm/1J23W5mDrqMx9m&podcast_id=e645b032-8a77-4495-a368-9f643b8aebe8″ width=”100%” height=”200″]