Noluthando Mchunu
Ikhomishana eyengamele ezoKhetho kuleli i-IEC ithi isaqhubeka nemikhankaso yayo yokuhambela izindawo ezahlukene ukufundisa umphakathi ngokubaluleka kokuvota.
Lekhomishana isho lokhu emva kokuthi ifungise ngokusemthethweni amaqembu ezombusazwe kanye nalabo abazongenela ukhetho lohulumeni basekhaya ngokuzimela ngomhlaka 4 ku November.
Amaqembu ezepolitiki azibophezele ekutheni azohlonipha yonke imithetho ebekiwe okubalwa kuyona ukuhlonipha nokuvikela ilungelo lokusebenza kwabezinda.
Kuphinde kubalulwa nokuthi kumele aqhube imikhankaso yawo ngaphandle kokuqguqguzela udlame kanye nokungasabalalisi imbiko engesilona iqiniso.
USihlalo weIEC kuzwelonke uMosotho Moepya uthi lekhomishana isikulungele ukuqala uhlelo olunzulu lokufundisa ngokubaluleka kokuvota emphakathini.
“There will be voter education brought out extensively. We have launched and intensified voter education campaigns across multimedia and digital education platforms to maximise voter education and information,” kusho uSihlalo weIEC.
UMoepya uqhubeke wathi,”We have taken steps to ensure voting station efficiency, in this regard the commission has instituted improved voting station layout plans and prioritised measures to ensure faster voter traffic flow at every voting station.”
UKhomishana uphinde wagqugquzela ukuthi ukuncintisana ngentando yeningi kufanele kubonakale ngenkulumo-mpikiswano eqinile, enenhlonipho nenesibopho mayelana nemibono, izinqubomgomo nokulethwa kwezinsiza, hhayi ngodlame, ukusabisa noma ukuhlukanisa abantu.
Lalelala amazwi kaMoepya ngezansi…
Follow Gagasi FM News and listen to our hourly on-air bulletins for more on this story



