I-IFP Ikhuza Imbiko Yamanga Edala Uqhekeko kuNdunankulu WakwaZulu NaseNdlunkulu

Written by on 9 August, 2023

By: Zilungile Mkhize

Umengameli we-Inkatha Freedom Party, uVelenkosini Hlabisa, usenxuse abezindaba kanjalo namalungu omphakathi ukuthi bangakuvumeli ukusetshenziswa ezinhlelweni zokudala uqhekeko olungenasidingo emndenini kaMtwana uMangosuthu Buthelezi kanye neNdlunkulu kaZulu.

uHlabisa uphawule kanjena esithangamini nabezindaba eThekwini, lapho ubuholi benhlangano bebethula khona imiphumela yomhlangano wesigungu esiphezulu se-IFP.

Uthi imibiko esisabalele kwabezindaba mayelana nesenzo sikangangezwelakhe sokuya esibhedlela ukubona uNdunankulu wesizwe, ayehli kahle ngoba ibhebhezeliswa ngabantu abangenayo ngisho nemniningwane ngesintu esithinta ingonyama.

UHlabisa uthi okujabulisa kakhulu ukuthi isilo sawadlulisa amazwi okululama kuMtwana uButhelezi.

 


Gagasi FM

What You Want to Hear



Background