Skip to main content

Nompendulo Ngubane

Amalungu enhlangano elwela amalungelo abantu emisebenzini i-Labour and Civic Organisation ehambisana noMemgameli wayo uMlu Zondi kanye nezisulu ezithi ziqolwe imali emuva kokugwazela izikhala zomsebenzi kuMnyango wezeMpilo eKZN asegasele emzini wowesifazane eGrange ePietermaritzburg.

Lenhlangano kanye nezisulu zisola lo wesifazane owuthisha ngokuthatha izimali zabantu ebathembisa umsebenzi. Lona wesifazane ekanye nabanye ozakwabo kuvele ukuthi useqole abantu imali engaphezu ku R1 million.

Abanye abayizisulu bathi ukungaqashwa yikho okubaholele ekutheni baphule umthetho bagwaze ukuzama ukuthola umsebenzi.

Bukela ngezansi okuthwetshulwe owezindaba zeGagasi FM endaweni yesigameko.

Bathi lowesifazane ubebathembisa ukuthi kunezikhala umsebenzi wezikhala zama Data Capture kanye neminye imisebenzi ehlukahlukene.

AboMnyango wezeMpilo eKZN bathi abakaze bazithole izikhalo eziqondene nalezinsolo. Lokhu kuvezwe uMnyango emva kokuba i Gagasi FM News ixhumane nawo ukuzwa ukuphawula kwawo ngalezinsolo.