Skip to main content

Noluthando Mchunu

Umkhonto Wesizwe Party esiFundeni i-Theku uthi ngeke ukuvume ukuthi amanye amaqembu asebenzise amalungu awo ukudicilela phansi lenhlangano. 

Lokhu kuvele ngesikhathi amalungu eMKP ebhikisha ngaphandle kwahotela ebekuhlangene kulo ubuholi baleliqembu eMhlanga enyakatho yeTheku.

Lamalungu abewotha ubomvu abefuna izimpendulo ebuholini kulandela ukushintshwa kohlu lwamagama abantu ababekhethwe wumphakathi njengamafolosi ezikhundleni zobukhansela njengoba kuyiwa okhethweni lohulumeni basekhaya ngoNovember.

Edinwe egane unwabu, amalungu eqembu abonakale ezama ukuvimba uSiya Mchunu oyi Regional Deployee yeqembu eThekwini nophinde abe ngumqoqi wezimali kulesifundena.

Ababhikishi bebesola uMchunu ngokubandakanyeka ekuguqulweni kohlu llwamafolosi eMK Party olwaluthunyelwe kwa-IEC.

Buka i-video ngezansi…

Ubuholi beqembu buthi sekuqalwe uphenyo lwangaphakathi mayelana nalezinsolo ngoba kuyacaca ukuthi kunesandla semfene.

Ekhuluma nezindaba zeGagasi FM, oyilungu leNational Security kuMkhonto weSizwe Party uSizwe Mshipheni uthi kubuhlungu ukubona inhlese yenkohlakalo kuleliqembu.

Lalela inkulumo kaMshipheni ngezansi…

Unobhala jikelele weqembu iMK Party iSbonelo Nomvalo uke waphuma ehhotela lapho ebekubanjelwe khona umhlangano ethi uzozama ukuzwisana namalungu eqembu. Noma kube nzima ukuthi abehlise imimoya, uNomvalo ukwazile ukudlulisa izwi kubalandeli.

Ephawula ngalezinsolo uNobhala uSbonelo Nomvalo ubeke kanje.