Skip to main content

Zilungile Mkhize

Umkhonto Wesizwe Party uthi yize umholi wayo uJacob Zuma engeniswe esibhedlela, kodwa akekho esimweni esibi.

Lenhlangano isho kanje kulandela imibiko evelile ethi uZuma ungeniswe esibhedlela esise Pietermaritzburg maphakathi ne KZN nge ambulence esesimweni esingesihle neze ngolwebili ebusuku.

Esitatimendeni esikhishwe yi MK Party, iyakuphika konke lokhu njengoba ithi uZuma ubeyohlolwa nje isimo sakhe sempilo njengokujwayelekile.

Lenhlangano ithi izibophezele nokuqhubeka nezinhlelo kanye nemikhankaso yayo njengoba kubhekwe okhethweni lohulumeni basekhaya nje ngo November 4.

Isitatimende sayo besifundeka kanje,”The uMkhonto weSizwe Party (“MK Party”) confirms that the MK Party’s President H.E President Jacob Gedleyihlekisa Zuma attended his routine medical check-up yesterday.”

Siqhubeka sithi,”We hereby confirm that he is healthy and in good spirits. His campaign programme willcontinue accordingly.”

Izimo eziholele ekutheni kubikwe ukuthi kungani uZuma angeniswe esibhedlela azikacaciswa ngokugcwele.

I-Gagasi FM News izoqhubeka nokulandela loludaba.