Skip to main content

By: Zilungile Mkhize

UMkhonto weSizwe Party uthi uyazethemba ukuthi uzophuma phambili ecaleni odonsisana kulo ne-African National Congress enkantolo yezokhetho eBloemfontein, njengoba uqinisekisa ukuthi nakanjani uzoba khona ohlwini lwamaqembu azovotelwa okhethweni lukazwelonke nezifundazwe ngo-May 29.

I-ANC ifuna ukukuchitha ukubhaliswa kwe-MK kwiKhomishini yoKhetho i-IEC.

Ummeli we-MK, uDali Mpofu, uthi inhlangano ebusayo i-ANC izama ukulungisa ubudedengu bayo ekuphikisaneni nokubhaliswa kwe-MK Party ngesikhathi esifanele.

 

[advanced_iframe src=”https://streaming.fabrik.fm/fabrik/echocast/player/rewind-single/player.html?id=6d2fc469-1aa3-455c-8e71-36fc65de6156&ampampweb_url=https://echocast.fabrik.fm/18v3zpQyvJwDm1&ampamppodcast_id=07e82d2a-9099-4cd7-a04f-0cc0c0110351″ width=”100%” height=”200″]