Skip to main content

By: Buhle Mbhele

USihlalo weNkatha Freedom Party (IFP) KwaZulu-Natal,  uThami Ntuli, uthi uma iqembu leNkatha linqoba okhethweni lwangesonto elizayo lizohlela kabusha isikhwama esixhasa abafundi ezikhungweni zemfundo ephakeme u-NSFAS ukugwema izinkinga ezisikhungethe.

Uthi bazoqinisekisa nokuthi inkohlakalo iyaqedwa futhi nezimali ezikulesikhwama ziyavikelwa.

UNtuli Ubekhuluma nabalandeli baleliqembu izolo eMlazi eningizimu yeTheku lapho ebegoqa khona umkhankaso wokunxenxa abalandeli ukuthi bayovotela leliqembu mhlaka 29 kuMay.

Uthi ngeke ziphele izinkinga zakwa-NSFAS kusabusa i-African National Congress.

 

[advanced_iframe src=”https://streaming.fabrik.fm/fabrik/echocast/player/rewind-single/player.html?id=6d2fc469-1aa3-455c-8e71-36fc65de6156&ampampweb_url=https://echocast.fabrik.fm/9NZRWGKxnJvVmK&ampamppodcast_id=f903e24e-fff7-456b-b548-45d41d14389b” width=”100%” height=”200″]