Zilungile Mkhize
I-National Youth Unemployment Movement ithi izibalo zokuqashwa kwabantu ngekota yesibili yalonyaka, zikhomba ukuthi isibalo sabantu abasebenzayo sehlile sisuka ku-10.43 million ngoMarch saya ku-10.42 million ngo June.
Lokhu kusho ukuthi kunabantu abangu 10 thousand abaphelelwe yimisebenzi.
Okhulumela i-NYUM, uLindokuhle Yende, uthi ukulahleka kwemisebenzi ngisho noma owakuyiphi imboni, kunomthelela emalini engenayo nasempilweni yomndeni.
Usezwakalise ukukhathazeka ngokuthi intsha isabhekene nezinselelo ezifana nokungabi namakhono adingekayo emisebenzini kanye nobunzima bokungaqashwa uma isiphuma ezikhungweni zemfundo ephakeme.
U-Yende usenxuse uhulumeni ukuthi ubeke phambili ukudalwa kwamathuba emisebenzi kanye nokuthuthukiswa kwamakhono.
Uyende uphawuke wathi, “I National Unemployment Movement icela ukwesekwa okwengeziwe kosomabhizinisi abasebasha namabhizinisi amancane angaba neqhaza ekuthuthukiseni umnotho wasekhaya, aphinde adale namathuba emisebenzi emiphakathini.”
“Intsha akumele ibhekwe njengabahlomuli bezinhlelo zomnotho kuphela, kodwa kumele ibhekwe njengababambiqhaza, abakhuthele emnothweni.” kusho uYende.
Cofa ngezansi ukulalela inkulumo ka Yende


