Skip to main content

By: Buhle Mbhele

Inyunyana yamaphoyisa nojele iPOPCRU ithi ukubulawa kwamaphoyisa okudlangile kuyabakhathaza kakhulu futhi kubukela phansi ukusebenza kahle komnyango wezobulungiswa nobugebengu kuleli.

Isho kanje njengoba sekubulewe amaphoyisa angaphezulu kuka-70 eNingizimu Afrika kulonyaka.

Oyisikhulumi sePOPCRU uRichard Mamabolo uthi amaphoyisa ayizisulu ezihlosiwe.

Uqhuba ngokuthi basakugcizelela ukuthi kubuyekezwe ngokushesha uhlelo lokuvikela kanye nokuphepha kwamphoyisa.